Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 42:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wayesethi umprofethi uJeremiya kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; nakho konke uJehova akuphendulayo, ngiyakunitshela khona; Ngeke ngikugodle lutho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 42:4
13 Referans Kwoze  

Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.


Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


Wathi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.”


nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,


Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.


Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.


Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki.


Niyakusho kanje, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo kumfowabo, nithi: ‘UJehova uphendule wathini?’ nokuthi: ‘UJehova ukhulumeni?’


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite