Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 42:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ukuba uJehova uNkulunkulu wakho asibonise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokhu esiyakukwenza.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Sinxusele ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho asikhombise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokho esiyakukwenza.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ukuze uJehova uNkulunkulu wenu asibonise indlela esingahamba ngayo nalokho esingakwenza.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 42:3
13 Referans Kwoze  

Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.


Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’


Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.


Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?


Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite