Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kepha kwakukhona amadoda alishumi phakathi kwawo, athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba emasimini ethu sinengcebo kakolo, ibhali, amafutha, noju.” Wayesewayeka, wangawabulala nabafowabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwalawo athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba sinengcebo endle: ukolweni, nebhali, namafutha, nezinyosi.” Futhi wayishiya futhi akababulalanga phakathi kwabafowabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:8
9 Referans Kwoze  

Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe, kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.


USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u-Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite