Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 kwafika abanye bevela eShekemi, eShilo naseSamariya, abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, bephucile, nezingubo zabo ziklebhukile, bezisikile, bephethe iminikelo nempepho ezandleni zabo, ukuba balethe endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:5
28 Referans Kwoze  

Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


“Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.


URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.


U-Abimeleki indodana kaJerubali* waya kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:


UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani, evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa; u-Ahabi, indodana ka-Omri, wabusa phezu kuka-Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.


UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli.


Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho.


ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo, nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.


“ ‘Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u-Israyeli.


Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo, zihawukele uthuli lwalo.


UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.


Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.


UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.


Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi.


Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.


Walishiya itabernakele* laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu.


Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;


Kwathi ngosuku lwesibili esembulele uGedaliya, kungaziwa muntu,


Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?


Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; zonke izandla zisikiwe, nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.


UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite