Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, nezikhulu zenkosi, namadoda ayishumi kanye naye, kwafika kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; badla isinkwa ndawonye eMispa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:1
25 Referans Kwoze  

zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti, namadodana ka-Efayi waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.


Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


Yayisithatha owenzalo yobukhosi, yenza isivumelwano naye, yamngenisa phansi kwesifungo, yasusa abakhulu bezwe,


Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.


wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu, u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.


Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.


Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.


Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, abantu abayishumi benaye, wamshaya uGedaliya waze wafa, kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.


U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Engakabuyi, yathi: “Buyela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamvumela ukuba ahambe.


UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazisendle beza kuGedaliya eMispa,


Abantu abaseleyo ezweni lakwaJuda abashiyiwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, phezu kwabo wenza uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani abe ngumbusi.


Zonke izinduna zempi ezazisendle, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka-Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa, nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite