Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 40:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yemilindankosi emlethile eRama, lapho esemthathile eboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke ababethunjwe eJerusalema nakwaJuda, ababethunjiwe kude ekuthunjweni eBhabhiloni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 40:1
14 Referans Kwoze  

engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,


Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.


uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.


Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.


Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokuthunjwa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.


Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite