Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ingonyama yenyuka iphuma ehlathini layo, nomchithi wezizwe usendleleni; uphumile endaweni yakhe ukuze enze izwe lakho libe yihlane; nemizi yenu iyakuba yincithakalo, kungabikho ohlala khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:7
33 Referans Kwoze  

Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.


“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.


“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,


Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.


Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.


UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.


Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka.


ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


“ ‘ “Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.


Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.


Ngiyakukulungisela abachithi, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe, bagawule imisedari* yakho ekhethekileyo, bayiphonse emlilweni.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo


Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abayizingcweti zokuchitha.


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”


Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi: “UyiGileyadi kimi, nekhanda laseLebanoni; impela ngiyakukwenza ube yihlane nemizi engahlalwa muntu.


“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite