Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe phambi kukaSimakade, naphambi kwentukuthelo yakhe evuthayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngabona, bheka, indawo ethelayo yayiyihlane, nayo yonke imizi yayo yayibhidliziwe phambi kobuso bukaJehova nangenxa yolaka lwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:26
15 Referans Kwoze  

nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.


Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


INkosi yalilahla i-altare layo, yanengwa yindlu yayo engcwele, yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha. Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite