Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngabuka umhlaba; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngawubuka umhlaba; bheka, wawuyize, ungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngabona umhlaba, bheka, wawungenalutho, ungenalutho; namazulu, futhi kwakungekho ukukhanya.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:23
19 Referans Kwoze  

“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.


Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.


Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.


Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni, kungesikho ekukhanyeni.


Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite