Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Koze kube nini ngibona ibhanela futhi ngizwa ukukhala kwecilongo?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:21
11 Referans Kwoze  

“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Inkosi yaseGibithe yamsusa eJerusalema, yathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke liyachithwa. Amatende ami ayachithwa masinyane, nezilenge zami ngokuphazima kweso.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite