Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Amathumbu ami, amathumbu ami! Ngibuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ixokozela phakathi kwami; Angikwazi ukuthula, ngokuba uzwile, mphefumulo wami, ukukhala kwecilongo, ukukhala kwempi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:19
48 Referans Kwoze  

Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”


Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu* ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini;


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.


Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.


Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami, ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.


Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.


Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Ngabaprofethi. Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami, amathambo onke ami ayathuthumela; nginjengomuntu odakiweyo, njengomuntu owahlulwe yiwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.


Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?


“Khulumani kwaJuda, nizwakalise eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze nithi: ‘Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.’


Haleluya! Dumisa uJehova, mphefumulo wami.


Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.


Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.


Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami; anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”


Umfudlana iKishoni wabakhukhula, umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni. Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.


Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.


Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na?


Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.


Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.


nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.


Kukhona umsindo wokulwa ezweni nowencithakalo enkulu.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Wathi kuyise: “Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda!” Wayesethi encekwini yakhe: “Myise kunina.”


U-Elisha wayesemgqolozela, UHazayeli waze waba namahloni. Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.


Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi.


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


“Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite