Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Indlela yakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; kungububi bakho, ngoba kumunyu, ngoba kufinyelela enhliziyweni yakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:18
15 Referans Kwoze  

Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa.


Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”


Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Ububi benu buchezukisile lokhu, nezono zenu zinenqabele okuhle.


Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngasitheza ubuso bami kubo.


Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Wangisuthisa ngokubabayo, wangigcwalisa ngomhlonyane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite