Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani; lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngokuba izwi liyamemezela, liphuma kwaDani; limemezela inhlekelele ivela kwelezintaba kwa-Efrayimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngoba ilizwi liyamemeza livela kwaDani, limemezela usizi livela entabeni yakoEfrayimi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:15
8 Referans Kwoze  

Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.


Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.


UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”


Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyinkosi.”


Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite