Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu, nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela ezindaweni eziphakeme ezingamaqwaqwasi liya endodakazini yabantu bami, aliyukubahlakaza, aliyukubahlambulula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 “Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Umoya owomileyo ovela ezindaweni eziphakemeyo ehlane uhlasela indodakazi yabantu bami, ungavunguzi futhi ungawuhlanzi;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:11
28 Referans Kwoze  

“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.


Bheka, lapho usutshaliwe, uyakuphumelela na? Awuyikubuna nokubuna, lapho umoya wasempumalanga uwuthinta, ubune emiseleni lapho uhlumele khona, na?’ ”


oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.


Namakhanka ehlisa, ancelise amazinyane awo. Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.


Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi.


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”


Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi. Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.”


“Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane.


Ngokuba bhekani, ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso.


Bese sikhukhula njengomoya, sidlule, sizitholele icala, sona esimandla aso angunkulunkulu waso.”


Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite