Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; futhi inkosi yaseBabele yabulala bonke abakhulu bakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Inkosi yaseBhabhele yabulala amadodana kaZedekiya eRibhila phambi kwakhe, ebuka; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; inkosi yaseBabele yabulala zonke izikhulu zakwaJuda.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:6
19 Referans Kwoze  

Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele.


ukuba ugcwaneke ngokubonwa ngamehlo akho oyakukubona.


Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo, izindlu zabo ziphangwe, omkabo baphoqwe.


ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba, umfana engenami, funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?”


Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.


Awuyikuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; amehlo akho ayakubheka amehlo enkosi yaseBabele, ikhulume nawe umlomo nomlomo; uyakuya eBabele.


“Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”


Bayakufika kuwe benezikhali, nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu, nezihlangu, nezigqoko nxazonke, nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.


Thatha okukhethekileyo komhlambi, ubungele izinkuni phansi kwalo, ulibilise nokulibilisa, kuphekwe namathambo phakathi kwalo.


Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova, ngihambele izikhulu, namadodana enkosi, nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite