Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Hamba ukhulume ku-Ebedi Meleki umKushe, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “Hamba utshele u-Ebhedi Melekhi, umKhushe, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuwafeza amazwi ami amelene nalo muzi kuyoba ngokubi, hhayi okuhle, ngalolo lusuku ayofezeka phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Hamba ukhulume ku-Ebhedi-Melegi umKushe, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Bheka, ngiletha amazwi ami ngalo muzi ngokubi, kungabi ngokuhle; futhi ziyogcwaliseka phambi kwenu ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:16
24 Referans Kwoze  

Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Ngiyakumjezisa yena nenzalo yakhe nezinceku zakhe ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, naphezu kwabakhileyo eJerusalema, naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo, bengalalelanga kodwa.’ ”


“Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”


Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”


Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.


“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe ngumlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.


Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.


ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”


usekulethile uJehova, wakwenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, kanililalelanga izwi lakhe; ngalokho le nto inehlele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite