Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Mthathe, umphathe kahle, ungezi lutho kuye oluzomlimaza, kodwa wenze lokho akutshela khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Mthathe, umbheke kahle, ungamenzi okubi; kodwa yenzani kuye njengokutsho kwakhe kini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:12
12 Referans Kwoze  

Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.”


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”


Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


“Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”


UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,


Wathi uJehova: “Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite