Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 38:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uthi: “Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo; kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila; ngokuba uyakuba yimpango ukuphila kwakhe, aphile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 38:2
20 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”


Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


Kuyakuba njalo bonke abantu ababhekisa ubuso babo ukuya eGibithe ukuba bagogobale khona; bayakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kungabikho kubo oyakusala, aphunyuke ebubini engiyakubehlisela phezu kwabo.’


“Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Shaya ngesandla sakho, udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.


Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe, njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo,


Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.”


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?


“ ‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.


‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange, ngizibuthe phakathi nalo muzi.


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”


Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite