Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uyakufa ngokuthula; njengokushiselwa kwawoyihlo, amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho, kanjalo bayakukushisela wena, bakulilele, bathi: “Maye, nkosi!” Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha wena uyakufa ngokuthula, nangokushiswa kwawoyihlo, amakhosi akuqala ayephambi kwakho, bayakukushisela impepho; bayakulilela, bathi: “Awu, Nkosi! ngoba mina ngikhulumile ilizwi, kutsho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:5
10 Referans Kwoze  

Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.


Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.


“ ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela endaweni yenkosi eyambeka inkosi, esifungo sayo wasidelela, nesivumelwano sayo wasaphula, uyakufa naye phakathi kweBabele.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: “Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.”


Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


“ ‘Kepha yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba;


kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite