Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nempi yakhe yonke, nemibuso yonke yomhlaba engaphansi kwesandla sakhe, nezizwe zonke, zilwa neJerusalema nemizana yonke elizungezile, lathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJehova kuJeremiya lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba yombuso wakhe, nabo bonke abantu belwa neJerusalema nemizi yalo yonke, lathi:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:1
14 Referans Kwoze  

Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova. “Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema, nakuzo zonke izingange zalo nxazonke, nakuyo yonke imizi yakwaJuda.


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,


ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina.


lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.


“Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite