Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 33:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 33:3
29 Referans Kwoze  

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.


Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.


Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


Wawukuzwile konke lokho; wakubona; awuyikukumemezela na? “Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla, yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.


Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na?


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.”


“Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


Niyakusho kanje, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo kumfowabo, nithi: ‘UJehova uphendule wathini?’ nokuthi: ‘UJehova ukhulumeni?’


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


“Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?


ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.


uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.


Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite