Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Khona-ke uHanameli, indodana kamalume, weza kimi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: “Thenga isiqephu sezwe sami esise-Anathoti esezweni lakwaBhenjamini; Ngelakho ilungelo lefa, nensindiso ingeyakho; uzithengele yona. Ngase ngazi ukuthi kwakuyizwi likaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:8
15 Referans Kwoze  

Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,


Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:


Wathi uMikhaya: “Bheka, uyakukubona ngalolo suku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.”


Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.


Saphulwa ngalona lolo suku, bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.


nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.


Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: “Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.”


Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,


Wena Nkosi Jehova, noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.’ ”


uJeremiya waphuma eJerusalema ukuba aye ezweni lakwaBenjamini ukuthola khona isabelo sakhe phakathi kwabantu.


Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite