Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 bheka, uHanameli, indodana kaShalumi umfowabo kayihlo, uzofika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathothi, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bheka, uHanameli indodana kaShalumi, uyihlokazi, uyakufika kuwe, ethi: ‘Zithengele isiqinti sami sezwe esise-Anathoti, ngokuba unelungelo lokuhlenga ukuba usithenge.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:7
15 Referans Kwoze  

Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,


“Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.


UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.”


“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.


noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena.


Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.


“ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.


UJeremiya wathi: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


“Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.


Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite