Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi, kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ayiyukuphunyuka esandleni samaKhaledi, kodwa uyonikelwa nokunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, akhulume nayo umlomo nomlomo, ayibone ubuso nobuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ngeke aphunyuke esandleni samaKhaledi, kodwa ngokuqinisekile uyonikelwa esandleni senkosi yaseBhabhiloni futhi akhulume nayo umlomo nomlomo, futhi amehlo ayo ayobona amehlo ayo;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:4
13 Referans Kwoze  

“Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”


kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi, awushise ngomlilo, ungaphunyuki esandleni sabo.’ ”


uSedekiya inkosi wathumela wamlanda; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Kukhona izwi elivela kuJehova na?” UJeremiya wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.”


Awuyikuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; amehlo akho ayakubheka amehlo enkosi yaseBabele, ikhulume nawe umlomo nomlomo; uyakuya eBabele.


“USedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sempi yenkosi yaseBabele, asebenyukile kini.


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Abelusi abayikuba nandawo ukubalekela kuyo, izikhulu zomhlambi zingabi nasiphephelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite