Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini, wonke amazwi engiwakhulume kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zilobele encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:2
19 Referans Kwoze  

UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBaruki umbhali, indodana kaNeriya, owaloba kuwo, ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.


Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayo kuze kube phakade.


“Ngakho-ke loba okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.


Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.*


“Ngalokho zilobeleni leli hubo, ulifundise abantwana bakwa-Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli.


UJehova wathi kuMose: “Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.”


Ngiyakwehlisela phezu kwalelo zwe onke amazwi ami engiwakhulume phezu kwalo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


“Buya, uzithathele omunye umqulu, ulobe kuwo onke amazwi okuqala ayesemqulwini wokuqala, awushisa uJehoyakimi inkosi yakwaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite