Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Silala phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisibekele; ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:25
38 Referans Kwoze  

Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: ‘Angizwa.’ Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami.


“Njengesela linamahloni, lapho selifunyenwe, kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni, bona kanye namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo


Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!


Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enibhinca izikhuni, manihambe ekukhanyeni komlilo wenu naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo. Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.


Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.


Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.


kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe; niyakudiliza ama-altare abo.’ Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na?


Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


“Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.


Ngaphumelani esiswini ukuba ngibone umshikashika nosizi, ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?


Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola, nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.


Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.


Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?


basheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi, nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.


Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu, kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite