Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Izwi liyezwakala emadulini angenalutho, ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kwezwakala izwi ezindaweni eziphakemeyo, ukukhala nokunxusa kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba babephambukile indlela yabo, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:21
24 Referans Kwoze  

Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.


Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


“Phakamisela amehlo akho emadulini angenalutho, ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”


Abaphunyukileyo babo bayakuphunyuka, babe sezintabeni njengamajuba asezigodini, bakhale bonke, kube yilowo nalowo ngezono zakhe.


Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.


Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.


Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Lokhu kungokwenkatho yakho, isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova, “ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite