Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kuyothi lapho nanda, futhi nichuma ezweni, ngalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “abasayukusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade;’ awuyukungena enhliziyweni, abayukuwucabanga, abasayukuwukhumbula, abayukuba nesizungu sawo, awuseyukwenziwa omusha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uma nanda, nande ezweni ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangabe besasho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova; futhi akuyikungena emiqondweni yabo; khumbula lokho; futhi bangase bangayivakashi; futhi kayisayikwenziwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:16
24 Referans Kwoze  

Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


“Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.


Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.


Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.


Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”


uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.


Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho ophambuke ngazo kimi, ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.


“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezinkomo.


Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”


Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.


Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite