Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 28:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ingakapheli iminyaka emibili, ngiyakuzibuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaSimakade ezathathwa kule ndawo nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, waziyisa eBhabhele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Phakathi neminyaka emibili egcweleyo ngiyobuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova uNebukadinesari, inkosi yaseBhabhiloni, azithatha kule ndawo waziyisa eBhabhiloni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 28:3
8 Referans Kwoze  

Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.


INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu, waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


UNebukadinesari wayisa ezinye izitsha zendlu kaJehova eBabele, wazibeka ethempelini lakhe eBabele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite