Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘ “Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kuyakuthi isizwe nombuso ongayikumkhonza yena uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ongayikubeka intamo yawo ejokeni lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngiyakusihambela, iNkosi. Ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngaze ngabaqeda ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:8
15 Referans Kwoze  

“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”


UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukukhonza amaKaledi: hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”


Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?


ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”


yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite