Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Zonke izizwe ziyomkhonza yena, nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, khona-ke izizwe eziningi namakhosi amakhulu ziyokhonza ngaye.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:7
29 Referans Kwoze  

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.”


Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo, bavuke abakuthuthumelisayo, ube yimpango yabo, na?


Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”


Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.


INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.


‘Ziyakuyiswa eBabele, zibe khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami,’ usho uJehova. ‘Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.’ ”


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi:


Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bhekani, ngiyakunikela uFaro uHofira inkosi yaseGibithe esandleni sezitha zakhe nasesandleni sabafuna ukuphila kwakhe, njengalokho nganikela uSedekiya inkosi yakwaJuda esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.’ ”


Izwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuza kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ukuchitha izwe laseGibithe.


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.


Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite