Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Manje senginikele onke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, inceku yami; futhi ngiyakumnika izilwane zasendle ukuba zimkhonze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Manje nginikela wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, futhi ngimnika nezilwane zasendle ukuba zimkhonze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Manje senginikele wonke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami; nezilwane zasendle ngamnika ukuba zimkhonze.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:6
19 Referans Kwoze  

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbambe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo.


oshoyo ngoKoresi ukuthi: ‘Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho nasesandleni salabo obesabayo, ngithi esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni samaKaledi.


“Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori,” usho uJehova, “ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani, waceba amacebo ngani.


Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi amane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.


Amaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele.


“Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda. Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”


Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite