Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 27:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: ‘Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane.’ Ngokuba baprofetha amanga kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngase ngikhuluma kubaphristi nakubo bonke abantu ngithi usho kanje uSimakade, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi benu abaphrofetha kini, bethi: ‘Bhekani, izitsha zendlu kaSimakade ziyakubuyiswa eBhabhele masinyane.’ Ngokuba baphrofetha amanga kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngathi: “Usho kanje uJehova; Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini, bethi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa masinyane eBabele, ngokuba baprofetha amanga kini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 27:16
7 Referans Kwoze  

Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,


Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.


INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu, waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.


Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini.


Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite