Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Uphrofetheleni egameni likaSimakade, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yincithakalo kungabe kusaba bikho ohlala kuwo na?’ ” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uprofetheleni egameni likaJehova, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yihlane elingenamuntu ohlala kulo? Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:9
28 Referans Kwoze  

Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.”


Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane.


Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.”


wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”


Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”


“Ningaprofethi,” baprofetha, basho njalo, “ningaprofethi ngalokho; ihlazo aliyikusifica.”


Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu.


Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,


NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe, yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?”


Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite