Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu, abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uyakufa nokufa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kwathi lapho eseqedile uJeremiya ukukhuluma konke uSimakade ayemyale ngakho ukuba akusho kubo bonke abantu; abaphristi, abaphrofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uzokufa nokufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuthi akukhulume ebantwini bonke, abapristi labaprofethi labantu bonke bamthatha bathi: Uzakufa lokufa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:8
22 Referans Kwoze  

Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala.


Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.


lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,


Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,


U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite