Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; nami ngiyakuguquka ngingabehliseli inhlekelele ebengizobehlisela yona, ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uma kunjalo, bayolalela, futhi yilowo nalowo aphenduke endleleni yakhe embi, ukuze ngiphenduke ebubini engihlose ukubenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:3
15 Referans Kwoze  

Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”


“Ubonile yini ukuthi u-Ahabi uyazithoba phambi kwami na? Ngokuba ezithoba phambi kwami angiyikwehlisa okubi emihleni yakhe; kepha emihleni yendodana yakhe ngiyakwehlisela indlu yakhe okubi.”


Kwathi u-Ahabi esezwile lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


“Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.


Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.


Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?


“UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”


“Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite