Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Inkosi uJehoyakimi yayisithuma amadoda eGibithe, u-Elinathani indodana ka-Akibori enamadoda, baye eGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Inkosi uJehoyakimi yathumela amadoda eGibhithe, u-Elinathani, indodana ka-Akhibhori namanye amadoda, baya eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Inkosi uJehoyakimi yathuma amadoda eGibithe, u-Elinathani indodana ka-Akibori, namadoda kanye naye eGibithe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:22
10 Referans Kwoze  

wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu, u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.


Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye.


Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, ithi:


O-Elinathani noDelaya noGemariya babekhulekile enkosini ukuba ingashisi umqulu, kepha ayibezwanga.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.


Abangamesabi uNkulunkulu bayashanguza nxazonke, lapho amanyala ephakeme kubantwana babantu.


Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.


ngesandla sika-Eleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi:


bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite