Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Lapho inkosi uJehoyakimi nawo onke amaqhawe ayo nazo zonke izikhulu zezwa amazwi ayo, inkosi yazama ukumbulala; kepha u-Uriya esezwile wesaba, wabaleka, waya eGibithe;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:21
15 Referans Kwoze  

Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.


Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla,


Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.


Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”


Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna, nanxa bethi akakho lapha, yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite