Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba; nentaba yendlu injengeziqongo zehlathi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:18
13 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.”


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.


Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.


IBabele liyakuba yizinqwaba, nendawo yokuhlala kwamakhanka, nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.


“ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


Kepha lapho uHezekiya esezithoba ekukhukhumaleni kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, ulaka lukaJehova alubehlelanga emihleni kaHezekiya.


Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite