Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa niyazi ngokuqinisekile ukuthi uma ningibulala, ngokuqinisekile niyoletha igazi elingenacala phezu kwenu naphezu kwalo muzi naphezu kwabakhileyo kuwo; ngoba isibili iNkosi ingithumile kini ukukhuluma wonke lamazwi ezindlebeni zakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:15
21 Referans Kwoze  

amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala,


“ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.”


Usho kanje uJehova, uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningoni, ningadluzuli abafokazi, nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


“Amehlo akho nenhliziyo yakho kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.”


Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.


ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.


URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga yini kini ukuthi: ‘Ningamoni umfana,’ kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.”


Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:


Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, ethi: “UJehova wangithuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo.


UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite