Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 24:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Njengamakhiwane amabi angadliwa, mabi kakhulu; “Usho kanje uJehova, uthi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakumnika kanje uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe, nensali yaseJerusalema esele kuleli zwe nabakhileyo ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 24:8
18 Referans Kwoze  

Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,


uSedekiya inkosi wathumela wamlanda; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Kukhona izwi elivela kuJehova na?” UJeremiya wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.”


Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.


Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani, kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo, bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.”


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi:


Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.


Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite