Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 24:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli; Njengalawa makhiwane amahle, kanjalo ngiyakubabona abathunjwa bakwaJuda, engabasusa kule ndawo, babayisa ezweni lamaKaledi, kube kuhle kubo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 24:5
21 Referans Kwoze  

Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;


“Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’


Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.


wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusalema, bayiswe eBabele, uthi:


Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.


“Ngalokho thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.’


Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;


Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.


ukuba bahambe ngezimiso zami, bagcine izahlulelo zami, bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite