Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 24:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Esinye isitsha sasinamakhiwane amahle kakhulu, njengamakhiwane avuthwa kuqala; esinye isitsha sasinamakhiwane amaningi amabi, ayengenakudliwa ngokuba mabi kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 24:2
11 Referans Kwoze  

Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na?


Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.


Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane ayingqalabutho; uma inyakaziswa, awela emlonyeni wodlayo.


Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite