Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova wangibonisa; bheka, amaqoma amabili amakhiwane emi phambi kwethempeli likaJehova emva kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, noJekoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda kanyekanye. Ababazi bathunjwa. Nabakhandi bensimbi bevela eJerusalema, babayisa eBabele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 24:1
22 Referans Kwoze  

sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema,


Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.


UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi.


Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.


Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.


INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe, zaliyisa enkosini yaseBabele, zalingenisa ezinqabeni ukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.


Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukadinesari inkosi yaseBabele zenyukela eJerusalema, umuzi wavinjezelwa.


Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.


angazithathanga uNebukadinesari inkosi yaseBabele ekuthumbeni kwakhe uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, wamyisa eBabele nabakhulu bonke bakwaJuda nabaseJerusalema;


ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”


Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema, wabayisa eBabele,


USedekiya, indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikaKhoniya, indodana kaJehoyakimi, wabekwa inkosi ezweni lakwaJuda nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele.


Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.


lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaliyisa ezweni labahwebi, lwalibeka emzini wabathengi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite