Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke engizixoshele kuzo, ngizibuyisele ezibayeni zazo; bayakuzala, bande.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:3
28 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”


“Ngalokho thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.’


Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.


Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.


Ngalolo suku bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe, kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,* kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.


Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ usho uJehova, ‘ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani kuJakobe ngokujabula, nimemezele inhloko yezizwe, nizwakalise, nidumise nithi: ‘Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.’


“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami, ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.


“ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.


kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.


“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite