Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; bakwenza ize; bakhuluma umbono ophuma ezinhliziyweni zabo, hhayi ophuma emlonyeni kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:16
26 Referans Kwoze  

Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.


Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!


Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Mina angibathumanga abaprofethi, nokho bagijima; bengingakhulumile kubo, nokho baprofetha.


Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,


Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga.


ngalokho anisayikubona okuyize, ningabe nisabhula ukubhula; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele.’ ”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi, amadoda angamakhulu amane, yathi kubo: “Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakulinikela esandleni senkosi.”


ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite