Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo, ngokuba ngiyakubehlisela okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngalokho indlela yabo kubo iyakuba njengezindlela ezibushelelezi ebumnyameni; bayakuxoshwa, bawele kuwo; ngoba ngiyobehlisela inhlekelele, unyaka wokuhanjelwa kwabo,” kusho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:12
18 Referans Kwoze  

Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe.


Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.


Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo.


Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini, okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo, phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.


Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


Abanakwazi, abanakuqonda, bahamba ebumnyameni; izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite