Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu; nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Abaphrofethi nabaphristi bangcolile, nasendlini yami ngithole inkohlakalo yabo,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba umprofethi nompristi bangcolile; yebo, endlini yami ngifumene ububi babo, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:11
24 Referans Kwoze  

Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.


“Ngokuba kusukela kwabancane babo kuya kwabakhulu babo bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolo suku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.


Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.


“Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


“ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.


Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.


Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.


Ukukhazimula kwezimvunulo zakho bakubeka kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.”


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;


Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi babo babadukisile, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.


“ ‘Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u-Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite