Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owabusa esikhundleni sikayise uJosiya, owasuka kule ndawo, uthi: akasayikubuyela khona;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:11
10 Referans Kwoze  

Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.


UFaro Nekho wambeka u-Eliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona.


Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye ngokunjalo.


Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,


UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.


Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethumeni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.


Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.


Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.


Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite