Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 21:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ozosala kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane; kodwa ozophuma azinikele kumaKhaledi anivimbezeleyo, uyakuphila, aphunyuke nokuphila kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ohlala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo; kepha ophumayo, awe phezu kwamaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 21:9
12 Referans Kwoze  

“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”


Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”


Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”


Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”


Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.


Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


Usho kanje uJehova, uthi: ‘Lo muzi uyakunikelwa nokunikelwa esandleni sempi yenkosi yaseBabele, iwuthathe.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite